Bahle Tshoba
Ekuhambeni kwami kokukholwa, noma kungekude kangakho, lo-mbuzo uvamile ukubuzwa, ezikhathini eziningi siye simangalelwe njengalabo abalahla amasiko, kuthiwe singabalandela izindlela zabamhlophe. Lokhu kungamampunge oqobo, inkolo yobukhristu akusiyo eyabantu abamhlophe, umlando okhomba lokho mningi kakhulu. Angizimisele ukugxila kakhulu emlandweni wenkolo yamaKhristu, mhlasimbe ngelinye ilanga siyokhuluma ngawo. Umbuzo engifuna ukuwuphendula namhlanje yilowo othi; kungani iNkolo yobuKhristu ingakholelwa emadlozini.
Iyini inkolo yamadlozi?
inkolo yamadlozi yinkolo yesizwe esimyama esisemazansi ne-Afrika. Kubalulekile ukuthi ngiveze ukuthi akukaze kube yinkolelo yesizwe esimnyama ukuthi umphefumulo womuntu uyabhubha nxa efa, isizwe esimpisholo besihlale njalo sikholelwa ukuthi umphefumulo uyaqhubeka uphile emva kokufa, indaba yayisekutheni; umphefumulo uyaphi uma umuntu esefile. Sizokhumbula ukuthi ngalesi sikhathi abantu besizwe esimnyama babengakaze bezwe ngendaba yezulu nesihogo, ama- missionary ayengakafiki azoshumayela ivangeli. Kanjalo-ke zabaziningi izinkolelo ezaqhamuka nabantu besizwe esimnyama ukuchaza ukuthi umphefumulo womuntu uyaphi lapho eseshonile. Enye yalezi zinkolelo kwaba yileyo yokuthi umuntu uya kwabaphansi, noma kwelamathongo. Ngokuchaza kwabo, lapha kwelamathongo ilapho kukhona yonke imindeni, umuntu-ke uthi uma eseshonile umphefumulo wakhe uyongena emndenini lapho afike khona abe ngomunye wamathongo, ngokwalenkolelo umuntu akagcini nje ngokuba kwelamathongo kodwa usakwazi ukuxhumana nalabo abasaphila emhlabeni, uma-ke exhumana nabo ubizwa ngedlozi. Kukhona-ke ngokwalenkolelo idlozi elihle, nedlozi elibi. Idlozi elihle ilelo ngokwalenkolelo eliletha izinhlanhla, lelo elibi ilelo eliletha amabhadi. Lokhu kuya ngokuthi umuntu uyalithokozisa yini idlozi lakhe, izindlela zokuthokozisa idlozi ziningi-ke ngokwalenkolelo, angizimisele ngokukhuluma ngazo kulombhalo omfishane.
Kuhle futhi ukubalula ukuthi, isizwe esimpisholo besihlale vele sikholelwa ukuthi kukhona onamandla, lo bebembiza ngokuthi “umvelinqangi”, njengoba lisho nje negama, umvelinqangi igama elichaza lowo owavela kuqala kungakaveli okunye, ukuthi unjani umvelinqangi ikhona obekuyinkinga kulesi-sizwe, ziningi izindaba abantu abaziqamba ukuchaza ukuthi ungubani umvelinqangi, ezinye zalezi zindatshana ezichaza kabanzi ngomvelinqangi sizazi njengezinganekwane namuhla, uma ngingenza isibonelo nje; bekunenkolelo yokuthi izilwane zazikhuluma kuqala, umvelinqangi efuna ukunquma ukuthi abantu baphile unomphela noma bafe wathuma intulo nonwabu, unwabu lwahamba kancane luyobika ukuthi abantu mabafe, intulo yahamba idla amahlamvu yakhohlwa ukuthi ibithunyiwe ngoba beyazi ukuthi ngeke ishiywe unwabu, kanjalo-ke unwabu lwafika kuqala, umvelinqangi wabe esenquma ukuthi abantu bafe. Enye futhi bekuyinkolelo yokuthi umvelinqangi wayincisha kanjani imbila umsila ngenxa yokuyalezela. Kwaba sobala kuma-missionary ukuthi kungaba yiphutha ukuthi babize uJehova ngomvelinqangi, kwazise ukuthi umvelinqangi kwazicacela ukuthi kwaba yisithixo isizwe esimnyama esazakhela sona ngokungaqondi, kungakho-ke kunokuthi babize uJehova ngoMvelinqangi babona kungcono ukuthi basebenzise elinye igama, uThixo noma uNkulunkulu.
Ukufika kwenkolo yokuKhristu.
Ekufikeni kwenkolo yokuKhristu kwacaca ukuthi inkolo yomdabu ibhekanana nenkulu inselelo. impela, inkolo yokuKhristu yaphonsela inkolo yesizwe esimyama inselelo, inkolelo yamaKhristu yabe iphambene ngokuphelele nenkolo yomdabu. Yebo, kusukela kwinkolelo ngabafileyo kuya kwinkolelo ngomvelinqangi, kwacaca bha ukuthi umuntu akakwazi ukukholwa ngamadlozi abe futhi engumKhristu, lezi-zinkolo zombili zazihluke kakhulu, kwakungekho kuvumelana kuzo uma kuza ezinkolelweni zazo, kwacaca ukuthi umuntu nomuntu kumele akhethe ukuthi uzimisele ngokuqhubeka ukukholelwa amadlozi noma uyayeka akholelwe kuJesu nakuNkulunkulu owavezwa ama-missionary, kwakungayona inketho ukukukholelwa kukho kokubili. Iziphi lezo zinto ezabe zixabanisa inkolelo yesizwe esimnyama neyamaKhristu?
Inkolelo ngabafayo.
Imibhalo engcwele icacisile ngabafayo, umuntu uma efa uya eParadise noma eHayidese, ibhayibheli alinanazi ukukuveza lokhu, futhi ukuze kungaphikwa-muntu kushiwo iNkosi uJesu uqobo. Kwivangeli ngokukaLuka 16:19-31 sithola indaba yesicebi noLazaru. ULazaru wafa nesicebi safa, uLazaru wavuka eParadise esifubeni sika-Abrahama, isicebi savuka eHayidese emlilweni ovuthayo, Kuyacaca futhi ukuthi isicebi asikho emndenini kwazise isicelo saso ku ves 27-28, sicela ukuthi kuthunyelwe ukuze abakubo bangezi kulendawo esikuyo. Kuyacaca futhi ukuthi akukho kuxhumana okwenzekayo phakathi kwabafileyo nabaphilayo, lokhu sikubona kuVes 29-31, uma befuna ukuzwa ukuthi kuyashisa ehayidese abadingi ukuthi kuze kuye umuntu osuka kwabafileyo, mabalalele uMose nabaProfethi (nokungukuthi izwi elilotshiwe, kwazise Ilona elinemibhalo kaMose nabaProfethi). UPawuli uyafakaza naye kwabaseKorinte besibili isahluko 5:8, lapho echaza khona ukuthi uma singekho emzimbeni njemamaKhristu, nokungukuthi uma silala/sifa siba sekhaya ezulwini/eNkosini.
Lokhu asikuboni kwiTestamente Elisha kuphela, kodwa neTestamente elidala liyacacisa ngakho. uMshumayeli 9:5-6 naye uveza into efanayo, abafileyo kabanasabelo, ngeke babe nakuxhumana nalabo abaphilayo. Lezo zombili (1 abafayo abayi kwabaphansi kodwa eHayidese noma eParadise, 2 abafileyo abanakuxhumana nabaphilayo ) izinselelo ezaphonselwa inkolelo yomdabu, nezenza kwacaca ukuthi Inkolo yobukhristu ayihlobene neze nenkolelo yomdabu.
Abantu basuke bezwani/bebonani uma beba namaphupho abangasekho benza izicelo?
Kuliphutha ukuthi siphike uma abantu bethi baba namaphupho, bebona abantu abangasekho, bekhuluma nabo futhi, asikwazi ukuziphika lezo zinto kwazise kubona ziyiqiniso kuhle kwelanga ehlobo. Okumele sizibuze khona ukuthi Lithini lona izwi ngazo lezo zinto. Singaze siye kude nje, kuhle ukuvuma ukuthi ebhayibhelini bavelile abantu abebekwazi ukukhuluma nabafileyo nabanamadlozi, kuLevitikusi 19:31, kuvelile futhi ukuthi uNkulunkulu uyanengeka ngabo (kuDuteronomi 18:10-12). Kodwa sesishilo ngenhla ukuthi uNkulunkulu uthi akekho ofileyo onokuxhumana nabaphilayo. Pho uma bekhona-ke abanedlozi, nabashaya imilozi, nabathakathi basuke bekhuluma nobani uma bengenakuxhumana nabafileyo na?
Zimbili-ke izincazelo abavame ukufika nazo abantu abanenkolo yokuthi idlozi ngumphefumulo womuntu wangempela. Incazelo yokuqala bayisusa kwindaba kaSamuweli esiyithola kwincwadi kaSamuweli wokuqala isahluko 28:3-25. Lapha sithola uSawule eya konedlozi ukuba amvusele uSamuweli, ngempela onedlozi uyamvusa uSamuweli futhi uSamuweli ukhuluma izwi lesiphrofetho kuSawule, ukufakaza ukuthi nguye ngempela uSamuweli owayekhuluma sithola uves 14-15 esiqinisekisa ukuthi kwakunguye impela owayevusiwe. Abantu-ke baye basebenzise lokhu ukuthi bathi “nakhu-nje onedlozi wakwazi ukuxhumanisa ofile nophilayo, kushukuthi bayakwazi-ke ukuxhumana nathi”, okumele sikuqaphele ngalencazelo ukuthi iqagula ukuthi izwi leNkosi liyakwazi ukuziphikisa, kodwa siyazi ukuthi aliziphikisi izwi leNkosi. Ekumele sikuqonde yilokhu; uma uNkulunkulu ebekile umgomo usuke ewubekele abantu, akusho ukuthi naye ungaphansi kwawo. Isibonelo-nje; uma ethi umuntu akangabulali ukusho ukuthi yena akanalungelo lokuthatha okungokwakhe, uyakwazi ukubulala yena ngamandla akhe (UGenesise 38:7), noma asebenzise abantu ukubulala lowo asuke efuna afe (1 kuSamuweli 15:3), kwesinye isikhathi basuke bezenzela okubi bona kodwa uNkulunkulu afezekise icebo lakhe ngabo, lokhu sakubona ngokufa kukaJesu uqobo, amaJuda eyenza isono ngokumbulala, uPetru uze athi kumele aphenduke ngoba abezojeza ngesenzo sawo (Izenzo 2:36-38), kodwa futhi siyazi ukuthi kwakunguNkulunkulu owabulala uJesu (uIsaya 53:10).
Kanjalo izwi lisivezelile ukuthi uNkulunkulu akabavumeli abafile ukuthi baphinde baphile (uIsaya 26:14), kodwa futhi uNkulunkulu uphinde wathi yena uyakwazi ukubulala nokuphilisa, uyakwazi ukuhlisela endaweni yabafileyo nokubenyusa (1 uSamuweli 2:6). Simbonile futhi evusa abaningi ekufeni, esebenzisa abaphostoli kwesinye isikhathi, uJesu wabavusa futhi abanye, nasekufeni kwakhe kwaqhephuka amathuna, bavuka abaningi ekufeni (ngokukaMathewu 27:52). UNkulunkulu uyakwazi ukwenza noma yini ayithandayo (Jeremiya 32:27, Amahubo 115:3), okucacayo kodwa ukuthi njalo uma uNkulunkulu enza into yena ashilo ukuthi akumele yenzeke kusuke kuyisimangaliso, isimangaliso-ke ngokwencazelo yaso nje into engajwayelekile, ukuthi uNkulunkulu wenza isimangaliso kanye akusho ukuthi uphoqelekile ukusiphinda, usuke esenze ngaleso sikhathi ngoba kunesidingo. Kanjalo noSawule wenza okubi eNkosini ngokukhuluma nonedlozi ukuba amvusele uSamuweli, kodwa uNkulunkulu wenza isimangaliso sakhe ukuthi avume isono sakhe sibe ngokukhuluma kwakhe, wavuma ngalolo suku ukuthi onedlozi avuse umuntu ofile okwangempela, akusho-ke ukuthi uNkulunkulu ukwenza njalo lokhu, wakwenza kanye, kwalotshwa asiphindanga sakubona futhi kwenzeka. Labo abathi namanje uNkulunkulu usakwenza ngezanusi zesimanjemanje bafanele ukukholwa ukuthi imbongolo iyakwazi futhi ukukhuluma, kwazise uNkulunkulu wake wayikhulumisa nayo kanye (kuNumeri 22:28).
Incazelo yabo yesibili ithi; UJesu ngesikhathi ekhuphukela entabeni nabafundi bakhe, kwabonakala uMose noEliya (ngokukaMathewu 17:3), basebenzisa lombhalo-ke ukuveza umbono wokuthi abafileyo bayakwazi ukubuya, kodwa uma bebuya basuke sebefana nezingelosi, bacaphuna naku Mathewu 22:30, ukuthi uma labo abafileyo sebebuya (bevusiwe) babuye sebefana nezingelosi bedlulisa umyalezo kaNkulunkulu, uma bekhuluma basuke bengakhulumi okwabo kodwa okukaNkulunkulu. Ziningi izinto ezidinga ukulungiswa ngalendlela yokucabanga, kodwa ngenxa yokuthi ngifisa singaphumi esihlokweni, ngizogxila kulokho okubalulekile. Ukuvela kuka-Mose no Elisha kuJesu kwakunesizathu, sichaziwe futhi kuMathewu 17:5 no 8, nokungukuthi kwakunguNkulunkulu emisa uJesu njengomyalezo wakhe wokugcina, nokungukuthi; uMose wayemele okhokho, uEliya emele abaprofethi, uNkulunkulu wayefakaza ukuthi noma sebekuzwile ukukhuluma kokhokho nokwabaprofethi, manje mabazwe iNdondana, kwazise iyona engumyalezo wokugcina. Lokhu kufakazelwa umbhali wamahebheru (kumaHeberu 1:1), uNkulunkulu wakwenza kwaba kanye, asiphindanga sakubona kwenzeka futhi, uma kuphinda kwenzeka kuyobe kusho ukuthi uNkulunkulu uthuma omunye umprofethi ongcono kunoJesu, kodwa siyazi ukuthi akekho omunye ongcono kunaye. Okwesibili okungesilo iqiniso ngalencazelo ukuthi abafileyo babuya njengezingelosi ukuzokhuluma, izingelosi zazinomsebenzi munye ezaziwunikiwe, ukukhuluma okukaNkulunkulu kuphela, zazingakaze zifike zithi zilambile noma ziyagodola, ngaphandle kwalokho-nje uJesu ukhuluma ngokuvuka kwabafileyo okuyokwenzeka mhla ebuya kuMathewu 22:30, akakhulumi ngokuvuka okwenzekayo manje, lokhu kufakazelwe kaPawuli kwincwadi yamaThesalonika yokuqala 4:13-18.
Umbuzo usamile-ke ukuthi yini pho le abasuke beyiphupha noma beyibona labo abakholelwa emadlozini? Ezikhathini eziningi kuvamile ukuthi njemaKhristu sibekwe icala lokuthi sibiza abantu abafileyo ngamademoni. Impela uma uzokhuluma nabantu abakholelwa emadlozini kumele ubacacisele ukuthi awubizi abantu bakubo ngamademoni, ekuqaleni kwalombhalo ngike ngathinta kancane ukuthi ithini inkolo yobuKhristu ngabafayo, kucacise lokho ekuqaleni enkulumeni yakho, ukuthi akekho umuntu okwaziyo ukubuya kwabafileyo, ofileyo usuke esendaweni eyodwa phakathi kwezimbili, iHayidese noma IParadise, lokhu kuya ngokuthi ubekholwa yini kuJesu eyiNkosi nomsindisi wakhe. Uma usukucacisile ukuthi akukho obuyayo ngaphesheya kwethuna ilapho-ke ungaya emibhalweni ukuveza ukuthi lithini izwi ngemimoya ekwazi ukuxhumana nabantu.
Mina ngingagqugquzela ukuthi uqale kwiTestamente elidala ukubavezela ukuthi amadlozi ayakwazi ukwenza izinto zenzeke ngempela, ayakwazi ukwenza amalumbo, ayakwazi ukwenza nemilingo futhi, ungalenzi iphutha lokuphika ukuthi anamandla (2 Izikronike 33:6), bakhombise futhi ukuthi ukukhonza amadlozi kufaniswe kwalinganiswa nokukhonza izithombe ezwini leNkosi (AmaHubo 106:28-29), bakhumbuze futhi ukuthi ukukhonza izithombe kuphikisiwe yi-Zwi leNkosi, kuyisinengiso phambi kukaNkulunkulu (uEksodosi 20:3-5). Bakhombise ukuthi lithi izwi amandla okwenza izimangaliso bawathathaphi, ngoba Kuyacaca ukuthi abawathathi kwabafileyo kwazise abanakubuya babe nezingxoxo nathi, lokhu kusho ukuthi futhi namaphupho asuke ephushiwe awaqhamuki kubona ngokunjalo. Kulapho-ke ungabayisa kwabaseKorinte bokuqala 10:18-22 ukuchaza ukuthi uNkulunkulu uthi amaphupho nemicimbi eyenziwayo isuke yenzelwa bani kahle kahle, kwazise abafileyo abanakudla, abanakuphuza futhi. Impela sivezeliwe kaningana ukuthi amademoni ayakwazi ukwenza imimangaliso, ayakwazi nokuzifihla aziveze njengengelosi yokukhanya (II kwabaseKorinte 11:14), amaphupho wona avela ngenxa yokusaba okufakwe kubantu ngokuthi abaphansi bamdinelwe, ulwazi oluyilo ngebhayibheli lizokukhombisa ukuthi lokhu akusilo iqiniso, “uthando lwabo, nomhawu wabo, nokuzonda kwabo sekuphelile” (Umshumayeli 9:6). Uqinise-la ekutheni awubizi asebefile ngamademoni, kodwa uveza ukuthi abanakukhuluma namuntu, kukodwa okuveziwe okukwaziyo ukukhuluma nabantu, imimoya emibi. Odinga ukusinda kuyona ilowo oyobalekela kuJesu athembe yena yedwa ngensindiso yakhe.
uNkulunkulu ovezwe yimibhalo kasiye umvelinqangi.
kafushane nje, uma ubheka indlela achazwe ngayo umvelinqangi uyabona usakude ukuthi kafani nakancane ngoNkulunkulu ovezwe yimibhala engcwele, ngenxa yokusaba ukuphuma esihlokweni ngizobalula kube kunye nje, umfundi usengahamba ayokwenza ucwaningo olunye mayelana nomvelinqangi, nanokuthi uhluke kangakanani kunoNkulunkulu ovezwe yimibhalo engcwele. Igama lika mvelinqangi lisivezala ngokusobala ukuthi unemvelaphi, wavela kuqala. Kepha siyazi ukuthi uNkulunkulu wemibhalo akavelanga wayevele ekhona (ngokukaJohane 1:1). Lokhu kukodwa kuyasivezela ukuthi asikwazi ukubiza uNkulunkulu ongcwele ngaleligama, alimvezi ubunjalo bakhe. Ngizothanda ukuvala ngalamazwi amafushane; lowo othi uthanda uNkulunkulu umelwe ukudela konke alandele yena, akanalungelo lokubambelela emasikweni aphinde abambelele kuNkulunkulu, kumele adedele kube kunye, abambelele kulokho okunye akukhethileyo. Kungumkhuleko wami ukuthi uNkulunkulu ambusise lowo ofundayo, amvule namehlo amyise eNdodaneni yakhe ephilileyo engu Jesu Kristu, iNkosi nomsindisi wethu. Amen.
-
March 2016
- Mar 7, 2016 Kungani umKhristu kungamele akholelwe kumadlozi? Mar 7, 2016
- Mar 7, 2016 Does the doctrine of predestination discourage prayer? Mar 7, 2016
- Mar 7, 2016 Kuyini ukuhlehla Mar 7, 2016
- Mar 4, 2016 Sivumelekile yini ukukhulekela izoni?KUNGABE KUYIPHUTHA YINI UKUPHINDAPHINDA AMAGAMA UMA UKHULEKA? Mar 4, 2016