Kungani sithi si-Reformed?

Esikhathini samanje eSouth Africa abantu bavame ukwahlukanisa amaqembu amabili ebandleni lama protestants . Ilabo abawabizwa ngokuthi ibandla lomthetho bese kuba yilabo abazibiza ngebandla lika”Moya”.


Liyini ibandla lomthetho?
Labo abenza lokwahlukanisa bathi ibandla lomthetho ilelo elisebenzisa izinto ezibhaliwe phansi, ‘lingaholwa umoya”, lokhu kubalwa kuko izincwadi zamaculo, imibhedesho, izivumo zokukholwa, imithandazo ebhaliwe phansi nokunye okuningi, okunye abakubala ngaphansi kwamabandla omthetho ukugqokwa kwejoyini nenyufomu yebandla, ngokwami anginakho engingakusho ukuthi kubi ngalezizinto, uma ngingakhuluma iqiniso nje Zinhle zonke, uma nje zinganiki umuntu ithemba
lokuthi usindisiwe ebe engasindisiwe (Esikhathini esiningi lezi zinto ziyakwenzaa lokho, umuntu adle izono ngoba ethembile nje ukuthi ngoba wabhabhadiswa esamncane, wanikezwa nejoyini nakanjani uya ezulwini) . Noma kunjalo amanye amabandla abizwa ngamabandla omthetho enza izinto ezingaqondakali ezidinga ukuthi zikhahlelwe ngezinyawo zombili, imikhuba enjengokukhokhelwa kwamathikithi ukuze umuntu angcwatshwe kanye nokujoyiniswa kwabantu ebandleni bengakaze bese isibophezelo sokukholwa nguJesu, banikezwe isidlo seNkosi bengakholwa, abanye kulamabandla bakhonza amadlozi bewaxuba noNkulunkulu, lezi zinto kumele zikhuzwe kubo
njengezifundiso zamanga ezinokuyisa abantu esihogweni.

Ibandla lika”Moya’
Kepha akumele futhi sigcine ngokubheka bona bodwa njengalabo abaphumayo endleleni, Esikhathini esiningi laba abathi basindisiwe benza izinto ezimbi kakhulu kunabo, izifundiso zabo ziyingozi ukudlula labo ababaziza ngamabandla omthetho. Nalo ibandla lika”Moya” linayo ingozi yokunikeza umuntu isiqinisekiso esiyize sokuthi usindisiwe. Ikakhulu lapho umuntu etshelwa ukuthi uma ephakamisa isandla bese asho umthandazo othile emva kukamfundisi uzosindiswa, lokhu kwenziwa kudlala umculo odabukisayo kugubhu, abanye bekhala, umfundisi esholo phansi ethi “woza
mtakababa uzofaka inhlanhla ekhaya”, abaningi abaphakamisi izandla nje ngoba impela behlatshwe yiZwi leNkosi, kodwa ugubhu olukhalela phezulu noludabukisayo lusuke luvuse usinga kubo, nesimemo sikamfundisi sokufaka ‘inhlahla ekhaya’ sisho emadlebeni akhe, kanti vele ubani ongayifuni inhlanhla? lababantu bahamba bezitshela ukuthi bazoya ezulwini ngoba ngelinye ilanga baphakamisa isandla “bamukela” uJesu, kuhle ukucacisa khona la ukuthi asikho isifundiso esinjalo emibhalweni, imibhalo isikhombisa ukuthi “umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo kube ngukusindiswa” . Okunye okumelwe ukukhahlelwa ngezinyawo zombili kubo
ukudelela uMoya ongcwele. Ekushoni kwabo ukuthi baholwa nguMoya balandela izinkanuko zabo nemimoya engekho ngcwele, kwamanye amabandla ufica abantu bakhona begijima abanye beginqilika Kungathi bangenwe amadlingozi, abanye bazishaya ezindongweni bazilimaze, okushodayo nje ukuthi bathi “vumani bo” kuhle kwezangoma. Amaculo abo amafushane afundisa izifundiso zamanga, njengeculo elithi “uJesu ufika ekuseni” eliphika isifundiso sokuthi uJesu uhlala ekhona (omnipresent), ekulahleni izivumo zokukholwa baphindela emuva ekufundiseni izifundiso zikasathane; lezi zifundiso singabala kuzo isifundiso se-Docetism esifundisa kuthi uJesu noKrestu abantu abahlukene, laba bantu bathi; uJesu wangenwa uMoya onguKristu ngesikhathi ebhabhadiswa nguJohane yilapho aqala khona ukuba nguJesu Kristu, uma nje bebengayekanga ukufunda izivumo zokukholwa bebeyobona ukuthi leso sifundiso isifundiso samanga ngoba isivumo sasenikhiya siyasho sithi uJesu “ … Ungu Nkulunkulu kanti futhi ungoka Nkulunkulu, ungukukhanya kokukhanya, ungu Nkulunkulu uqobo, wakaNkulunkulu uqobo, wazalwa akenziwanga. Uyisimo sinye noYise, nguYena owadala izinto zonke. NguYena okwathi ngenxa yethu thina bantu, nangenxa yokuba ejonge ukuze sisindiswe, wehla ezulwini, wathabatha inyama ngoMoya oNgcwele kuMariya
intombi epheleleyo, wenziwa wabangumuntu…”.

Laba bantu abazibiza nge “bandla likaMoya” abagcini nje ukufundisa isifundiso esingalungilengoJesu, baphinde futhi bafundise isifundiso sikasathane esithi abantu bangonkulunkulu, lababantu bathi umuntu unamandla okukhuluma izinto adale ngomlomo wakhe, lesisifundiso sadunyiswa kakhulu abantu abafana no-Myles Monroe, Creflo Dollar, TD jakes nabanye abaningi, kubukeka sengathi lababantu bazididanisa noNulunkulu. uNkulunkulu munye akabelani nomuntu udumo lwakhe, lesi sifundiso saqala ngosathane uqobo owathi “ngiyakukhuphuka phezu phezu kwezindawo
eziphakamileyo zamafu, ngizenze ngibe njengophezukonke”( kuIsaya 14:14), bavamile ukusebenzisa amazwi kaJesu aku Johane 10:34 ukuzama ukumisa lesi sifundiso sabo, kodwa ngabe uJesu ufundisaukuthi abantu bangonkulunkulu lapha? Lapha UJesu ucaphuna amazwi aku-Mahubo 82:6, umaufundisisa kahle sonke isahluko samaHubo 82 kuyakucacela masinya ukuthi UNkulunkuluwayengasho ukuthi lababantu akhuluma nabo bangonkulunkulu ngendlela yokuthi banamandla okudala izinto ngomlomo wabo, ivesi nje lesibili liyasicacisela ukuthi lababantu akhuluma nabo uNkulunkulu lapha kwakungabantu ababeyiziphathimandla embusweni wakwa-Israeli, bahlulela abantu nsukuzonke, okunye esikubonayo ukuthi babengenabo ubulungiswa ekwenzeni kwabo,
bengagcini nje lapho kodwa behamba ebumnyameni benganakuqonda (ves 3, 4 no 5), yingakho-ke uNkulunkulu esho ku-ves 6 ukuthi noma banika amagunya okwahlulela (into eyenziwa ngunkulunkulu) kusazobonakala ukuthi bangabantu ngoba bazofa njengabantu nje (ves 7), UNkulunkulu nguye uzovuka ahlulele umhlaba. Lapha u-Isaya wayekhuluma ngokuza kwalowo ongumahluleli olungile (uJesu), nguye lo owayezovuka ahlulele umhlaba ku-ves 7. Ngakho uJesu uma ecaphuna lamazwi ku Johane 10:34 wayebakhombisa ukuthi bona baphika umahluleli lo ozovuka ahlulele izwe, uqhubeka athi kwivesi elilandelayo “nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni uyahlambalaza, ngokuba ngithe ‘ngiyiNdodana kaNkulunkulu’ na?”. uJesu lapha
wayengafundisi ukuthi abantu bangonkulunkulu kodwa wayebakhombisa ukuthi usefikile lowo owathenjiswa ukuthi uzohlulela izwe eqeda ukwehlulela okuyise kwababusi bomhlaba.

Ziningi ke ezinye izifundiso ezifundiswa “ibandla likamoya” engingeke ngiqede uma ngingazibala zonke. Kodwa ngizokusho lokhu ukuthi zonke lezi zifundiso bezingagwemeka uma ibandla belingayekanga ukukholwa noma ukuvuma izivumo zokholo, libambelele kulo ivangeli elafika kithi liqhamuka njalo lisuka kubaphostoli. Ngiyathemba ukuthi ofundayo akacabangi ukuthi ngibala bonke abantu abakumabandla”kaMoya”, impela akhona ambalwa kakhulu asabambelele kwiqiniso, noma nawo enazo izifundiso ezingalungile kodwa azizimbi njengalezo zalabo aba-extreme.

Iyini i-Reformation?
Kuyadabukisa nokho-ke ukwazi ukuthi ezweni nasemhlabeni esiphila kuwo inkolo yobukhristu yaziwa njengenkolo yalababantu abakholwa lezi zifundiso zamanga. kodwa lababantu abasibo ubuso benkolo yobuKhristu, qha nakanye. Kukhona amabandla abambelele esifundisweni se-reformation yangonyaka wezi-1517. Abaningi bavamile impela ukuwachitha amabandla angaphansi kwe- Reformation, amanye ayazinyeza ukubizwa ngaleli gama aze agcine ekhetha ukuthatha izifundiso zecharismatic movemet noma i-pentecostal movement. Siyakwazi lokhu kuchithwa kakhulu thina njengabantu abazibiza ngokuthi si-Reformed, into eyenza sichithwe yingoba sikholelwa kwimibhalo
nemibhalo nje qha. Sifundisa okufundiswa yiZwi lenkosi, asikufundisi okungafundiswa futhi yiZwi lenkosi. Sikholwelwa ukuthi iNsindiso iza ngomusa kuphela, ngokukholwa kuphela, KuJesu kuphela, njengokusho kwemibhalo kuphela, kwenzelwa udumo lukaNkulunkulu kuphela (5 solas of reformation). Sibamba isifundio se- sovereignty kaNkulunkulu ensindisweni.

Umuntu ungcoliseke ngokupheleleyo, akamakumfuna uNkulunkulu, njengoba isho nemibhalo “akekho ofuna uNkulunkulu” (kwabaseRoma 3:11), kanjalo sicula sithi “thatha Nkosi inhliziyo uyihlanzisise kahle ingcolile idukile nazo izono zither phahle” (icilongo levangeli 90). nguNkulunkulu okhetha azobasindisa engabheki buhle noma bubi bamuntu, akusibo bonke abakhethiweyo (kwabase-Efesu1:4), kanjalo sicula sithi “sebebuthwa abakhethwa bengenisa ekhaya, ngothi yebo Nkosi nangu mina la”, labo abakhethileyo uNkulunkulu UJesu weza ukuzobafela, njengoba isho iNkosi ukuthi “ngibeka ukuphila kwami ngenxa yezimvu” (ngokukaJohane 10:15), qaphela ukuthi
akabeki ukuphila kwakhe ngenxa yezimbuzi ngakho sihlabelela sithi: “bheka mphefumulo wami nangu umpristi omkhulu …. Bheka lawamatshe amahle aqoshiwe kuwo amagama onke alabo abamelwa nguye” (amagama okuhlabelela 70. labo abafela uJesu bayeza kuye abanakunqaba njengoba isho imibhalo (NgokukaJohane 6:44; 45), labo abezile kuJesu basindiswa abanakulahlekelwa insindiso yabo, nokungukuthi abanakuwa, njengoba isho nemibhalo ngezimvu (ngokukaJohane 10:28-29) “ngizinika ukuphila okuphakade”, uma kambe bekuhamba kuhambe kuphele ngabe akukho phakade, iNkosi ifumaneka ingumqambi manga uma isithembise ukuphila okuphakade kanti kuzobuye kunqamuke, uma kanti kuphinde kuphelele endleleni akukho phakade.
“azisoze zabhubha naphakade” , nakho futhi siyasibona isethembiso seNkosi yethu uJesu isethembisa ukuthi uma sisindiswe nguye asisoze sabhubha, ize ithayisele ngokuthi “naphakade”, lokhu kusho ukuthi akekho umntwana kaNkulunkulu othi esesindisiwe ngempela aphinde atholakale ebalwa nababhubhayo. Iyaqhubeka iNkosi isivezele ukuthi kungani singasoze salahlekelwa yinsindiso yethu; “akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo (izimvu) mkhulu kunabo bonke;
akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina sinoBaba simunye”, lesi isizzathu esikhulu kunazo zonke (insindiso yethu uma iyiqiniso) ayisoze yasilahlekela ngoba siphethwe yisandla sikaJesu, esiyisandla sikaBaba, ongekho onamandla ukumphuca. yingakho sihlabelela sithi “yena akasoze angiyeke, ngingephucwe futhi kuye ngeke; ngoba ungiphethe ngesineke esandleni somusa” (icilongo levangeli 116), siphinde sivumelane nomhlabelo oshoyo uthi “yizwa mphefumulo wami nansi impepho enhle! Iliphunga elimnandi lokukunxusela. Bheka lowo mPristi okhulu encengela wena. Yiso
Kungenzeka yini uba ulahleke?” (amagama okuhlabelela 70).

Sivuma ngokukholwa futhi asizenyezi ngesivumo sabaPhostoli, isivumo sasekhalsedoniya, isivumo saseNikhiya, nezinye ezinjalo. Sifunda imibhalo yo-Martin Luther, John Calvin, Zwingli, Jonathan Edwards, Martin Lyodd Jones, Charles Spurgeon, John Macuther, RC Sproul nabanye abanjengabo.
Sichitha zonke izifundiso ezingahambisa nezwi leNkosi, phakathi kwazo isifundiso sama charismatics, isifundiso sama Pentecostals, isifundiso sama 7th day Adventists, isifundiso soFakazi bankaJehova, kanye sifundiso samaRoma akhatholika namanye amabandla afana nabo.

Yebo impela kunjalo. I-Reformation, sonke thina esizibiza ngokuthi si reformed esakhelwe phezu kwayo ivuma, ikholwa , ihlabelela, ishumayela lawo maqiniso. Abaningi bathi asikholwa nguMoya ongcwele ngoba asitholakali siginqika phansi sikwitiza “izilimi”. Ngizosho kugcwale umlomo ukuthi impela singabantu bakaMoya, ababonakala ngezithelo zikaMoya. Kunjalo impela ngiyafakaza, izithelo zikaMoya asikho ezinyembezini eziningi, nasekuklewuleni kumuntu, noma ekuweni kwakhe
phansi amemeze, asikho ekukhulumeni “izilimi”, kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi(ukulunga), nokukholeka(ukuthembeka), nobumnene,nokuzithiba. Yebo kunjalo, thina esimi sizibiza ngokuthi si-Reformed sikholwa ukuthi umuntu osindisiwe ngokweqiniso uba nalezizithelo zikaMoya. Akugcini nje lapho kodwa futhi uyadeda emanyaleni (2 kuThimothewu 2:19), siyakuqinisekisa ukukhethwa kwethu ngokuzihlola (2 kaPetru 3-
11). Lowo ezingekho kuye lezi zimpawu kanawo uMoya wakhe, ongenawo umoya wakhe kasiye owakhe (kwabaseRoma 8:9).

Kumele kwazeke lokhu ukuthi: akusibo bonke abathi Nkosi Nkosi abakholwa yiyo. Yingakho noma ubani ozimisele ukwazi iNkosi kumele azijwayezane nemibhalo. Impela abakhethwa bakaNkulunkulu bagcwele umhlaba wonke, abanye bakuwo amabandla angabambisisile isifundiso seqiniso njengokwemibhalo, umthandazo wami uthi sengathi bangazinikela ekufundisiseni nasekuqapheleni imibhalo, hleze iNkosi isebenzise bona ekubuyiseni labo abadukileyo kuwo lawo mabandla, uma kungenjalo sengathi iNkosi ingakhipha izimvu zayo zifumane idlelo lapho zizokondleka khona ngezwi layo.

By Bahle Tshoba


Kuyini ukuhlehla

Musa Nzimande

Yini ukuhlehla na? Kulula, uma umuntu ubesohambweni olubheke phambili abese eqoma ukungajiki afulathele uhambo kodwa ebe ebuyela emumva ngezinyawo: lokho kungukuhlehla. Uma umzalwane ebekholwa elangazelela, futhi ekhula Ku Christu Abe eseqoma ukungajiki afulathele ukukholwa kodwa ngezenzo angakhuli ekumesabeni uNkulunkulu nase bungcwekeni singasho ngokuphelele ukuthi uyahlehla. 

 

Njengesitimela kumbe imoto emugwaqweni ekungenakubuyelwa kuwo emumva, uma isitimela kumbe imoti kungayi phambili futhi kungamili kusobala kuyahlehla. Njengalokhu sikuyi inkolo yobu Khristu abaningi abafuni ukubuyela ezonweni kucace kuwo wonke umuntu ukuthi bakuzo kodwa bama kuwo umgwaqo wikukholwa kodwa bangayi phambili kunalokho babuyele emumva kodwa bebheke phambili. Sikubiza ngesilungu ukuthi “Backsliding”. 

Asithole ukuthi Inkosi Nkulunkulu ithini ngezwi layobngalokhu
Izaga1

32Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.
33Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.” 

Kulencwadi sithola ukuthi ukuhlehla kwakhiwa ukungabi nalwazi okungukwenziwa ukungamulaleli uNkulunkulu. Lesi senzo ngokwezwi lika Nkulunkulu kunemiphumela emibi: 

Umphumela wokuqala ukubhujiswa: yini ebhubhisa umuntu kulokhu? Lithi izwi indlela abayithathile iyo ebabhubhisayo. Njengemoto erobhothini uma ihlehla izithela engozini. Uma uhlehla kuNkulunkulu uzithela kukho okungemva kwakho Usathane osilandela mihla namalanga. Uzithela ekwahluleleni umuntu abesedlulile kukho NGO Khristu uJesu ngokukholwa kuye. Uma umuntu ehlehla ubuyela enkambweni yakhe yakudala abesedlulile kuyo emuyisa esihogweni. Buyani ekuhlehleni nibuyele kuNkukunkulu. 

 

Okwesibili lithi izwi ukuhlehla kudalwa ukunganaki. Ukunganaki ukumesaba uNkulunkulu, ukumlalela nokumkhonza ngenhkiziyo emhliphe. Nakani okwaphezulu lapho uKhristu ekhona, ninganaki okusemhlabeni (Kwabasekolose 3:2). Ukhristu uphezulu ebungcweleni nenkazimulo umhlaba ungemumva nenkanuko namanyala. Thina simelwe ukunaka okusenkazimulweni ubuhle nobungcwele. Sikhohlwe izinkanuko zenyama namanyala okusemhlabeni. 

Ubungizi besibili bokuhlehla kuvela ekunganakini. Uma ubuka izaga 1:17

Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.
Uma unganaki unjengenyoni endiza ize iyokhungeka enethini elibekwe emhlabeni ukubamba izinyoni zonke ezinganaki. Kulendaba inethi libekwe njengento ecushelwe bonke abahamba ngokunganaki bewela esilingweni isishonisayo nesibhubhisayo, lokho kubadonsela esihogweni ngenxa yokuhamba ngokunganaki. 

 

Bazalwane inkosi yasiyala ngokuhamba ngokunganaki nanjengabayiziwula
Kwabase Efesu 5

14Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”

15 Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,

16nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

17 Navigo ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.

Qaphela, Nakisisa okwenzayo inkosi iyeza futhi iyabuka ukwenza kwakh0.

 

Ungabe thina kusifanele yini ukuhlehla? 
Kumaheberu 10
38kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.

39 Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

 

UYABONA Na! Thina asisibo abokuhlehla futhi inkosi ayithokozi nakancane ngabahlehkayo. Ngakho yekela ukuzikhohlisa, HLUKANA nokuhla ngoba INKOSI IYABUYA futhi IYABUKA.